Office of the Premier
Speech

KEY NOTE ADDRESS BY HON. PREMIER MANDLA NDLOVU ON THE OPENING OF TROYA CLINIC, 07 JULY 2026

Mpathi we hlelo, ngibonga uku nginika isikhathi soku khuluma na bahlali balana, abakhona nathi la, uma sizovula le clinic yabo.

Sibingelele u MEC weze Mpilo, u mama u Manzini nabo bonke bo MEC abakhona

Sibingelele u mayor wala e khaya, u mama u Mtshweni Omele u Mayor we district, ubaba Nkosi

Ubukhosi bonke obuholwa ngu sihlalo we ndlu yamakhosi e Mpumalanga nongu President we CONTRALESA u Kgosi Mokoena

MPAC Co-chairperson, umama u Nkosi

Amalunga esishaya mthetho akhona la

Abasebenzi bonke baka hulumeni baholwa u DG, umama u Skhosana

Abahlali balana, kanye nabavakashi,

Sanibonani

  1. Siyabonga ukuthi ama political parties akhona la, manje siya kuma elections yama Khantsela. I IEC isimemile ukuthi si register sizokhona uku vota.
  2. Izophinda ivule futhi I IEC isinike isikhathi soku bhalisela uku vota, ngomhla ka 1 and 2nd August. Ngiyanicela ke ukuthi masambeni siphume ngobuningi siyo bhalisa, sizo khona ukuzikhethela amakhantsela afunwa yithi.
  3. Amanye ama political party ama candidate wabo bawakhethe nama community. Manje ke hambani niyo votela la ma candidate eniwakhethile.
  4. Njengoba u 2026 ingu nyaka wokhetho sewaqalile amanye ama political party uku campaign nga manga. Bathi lapha e Rob Refeira esibhedlele akuna manzi ashisayo since 2022, ngiyile lapha nge sonto, ngafika ngathola ukuthi amazi ashisayo akhona isibhedlele sonke.
  5. Namuhla ngiziva ngi mkhulu futhi ngine Njabulo enkulu ukuthi ngizovula, ngiphinde ngicwalise isithembiso esa senza singu hulumeni we ANC ukuthi sizothuthukisa izimpilo za bantu.
  6. MEC Siyabonga ukuthi sesiqalile I construction ye Lefisoane clinic, njengoba siyazi ukuthi le endala beyincane ingasakhoni ukunakekela zonke izidingo zabahlali.
  7. Nase Siyabuswa Community Health Center nalapho siqalile ukwandisa, kuwo lo mnyaka mali ka 2026/27 sizokwakha enye clinic Molapomagale, ku bhunya lu thuli la e Mpumalanga.
  8. Ubuningi bama clinic wethu la e Mpumalanga siwaqashele abo dokotela, senzela ukuthi nithole izintsiza la nihlala khona, we are promoting primary healthcare on your door step.
  9. Sinikezele ngama ambulance angu 15, last week, sizophinda futhi sithenge 24 yama ambulance khona ukuze, I Ambulence ngayinye isebenze kuma ward ayi 2, One ambulance is to two wards, if ama ambulance angafiki nge sikhathi kusho ukuthi abasebenzi yibo inkinga.
  10. Niyazi ukuthi isimo se clinic yenu yanga phambili besingekho sihle, yingako singu hulumeni sibonile ukuthi sinakhele I clinic ye zinga eliphezulu e ne mishini yesi manje manje.
  11. Sithanda ukubonga ubuholi be CBC Church Mission House ngoku sizisa nge ndawo ngele sikhathi sakha le clinic. Their generosity demonstrated the true spirit of community partnership.
  12. Lokhu enikwenzile nili sonto kusifundisa ukuthi nge mpela izandla ziyagezana, maje nathi sizovela la esontweni sibone ukuthi singa siza kuphi.
  13. Today, we proudly hand over a modern, well-equipped clinic that will restore dignity to our people and improve access to quality healthcare services.
  14. Le clinic yenu entsha ine ndawo yemithi, pharmacy, consulting rooms, la, sifake ne solar, uma ugesi uhamba kune back up ye solar.
  15. Kune ndawo zabo mama ne bantwana la babonelwa khona bucala, kune emergency room. Uma kune nkinga zamanzi, I clini iyakhona ukusebenza ngoba sine storage sa manzi.
  16. Le clinic izo sebenziswa ngabantu aba roughly 5 000, kuzo benefita nama areas afana no Nkandla, Clinic View nase Marikana. It means that families will spend less time travelling long distances to access essential healthcare services.
  17. Ladies and gentlemen, healthcare remains one of the key priorities of the Government of National Unity and the Mpumalanga Provincial Government.
  18. We believe that quality healthcare is not a privilege for a few but a constitutional right for every South African.
  19. Ukwa khiwa kwale clinic la emakhaya kubonisa imizamo ka hulumeni wokuvala I gap ephakathi kwezi ntsiza ezitholakala emadolobheni nase makhaya.
  20. Manje la kule clinic kukhona konke oku khona kuma clinic nase zibhedlela eziko Witbank, Middelburg nase Nelspruit. Immunisation ya bantwana, ukuhlolwa kwe HIV, TB ne zigulo ezifana ne hypertension, diabetes, sisho I high blood no shukela, ukuhlolwa kwe cancer kubo mama (cervical cancer), ukuhlolwa kwe ngqondo.
  21. These services are critical in responding to the health challenges affecting our communities while promoting prevention and early detection of disease.
  22. Mphathi we hlelo, ngithanda ukubonga ama nurse kanye nabo bonke aba sebenzi bala kule clinic ngoku bekezela, baphinde basebenze ngoku zikhandla ngaphantsi kwe simo bebe sebenzela kuso, during construction.
  23. Manje ke, ngiza kuni bahlali balana, le clinic iyenu. Sizoyishiya nani singu hulumeni, siyanicela niyivikele, niyi nakekele, Ningathi uma nikhalela amanzi, noma iyikolo, nishise le clinic. Siyanicela.
  24. Le clinic yi lifa ne future ya bantwana baba ntwana benu, ngako ke sicela niyi phathe kahle. Sinishiya nayo nge nyanga enkulu I Mandela Month, siyathemba ukuthi u baba wethu u Madiba ujabulile la akhona uma ebona ukuthi siqhubeka la ashiye khona.
  25. Ngiyaniva bantu base Troya, nithi Ndlovu unga khulumi ngo baba wethu ungasiniki birthday yakhe. Grace, la sina 10 wards asithengeleni bo gogo nabo mkhulu izingubo eziyi 100, for each ward.
  26. Uma siya e ward 10 siyonika abantwana base Ndedema, Maisha and Mantwani Primary schools, 20 full uniform per grade.
  27. Sithi ngeke siyekele, ngoba abantu bethu deserve better, yingako sizoqhubeka sithuthukisa izimpilo zabantu bethu.
  28. Thina umoya sinawo, ngeke siyekele, sizoqhubeka, kubhunya li thuli la e Mpumalanga.
  29. Nkebeke ka dula fatshe, hobani ke nale Moya….Dula
  30. Ngiyabonga
2026